UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: INOVELI Funda lesi siqeshana esin…

  UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: INOVELI Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.   TEXT A   ELOKUFA ALITSHELI 1 “Wathi baba awuyifuni.Ngiyaxolisa ngeke ngiphi…” izikhatha zentuthu zazilokhu zithaphuke njalo njengoba uVela wayezama ukucimela isinqamu ekhukhwini emva kokubhadanywa nguyise olungafakwa kuye lubuya nodaka. Samshisa isinqamu waziba,wajuluka wamanzi te. Akabange esaligwinya uVelabahleke owayesenguVelabakhale kuyise nasemphakathini ngenxa yokuba ukhandalimtshelokwakhe wehlongandlebe.Yaqhuma imvubu eyayivuthelwa nguyise owayegane unwabu eseveva izindebe zomlomo.Wayemshaya aze acokame ngamazonzwane ukuze amtaxe ngemivimbo eqinile. 2 “Pho uyi-fu-nani insangu?Awuzwa ba-mba- la,tha-tha lapha satha-ne”,wayesenanela umvimbo ngomvimbo ovuthayo awuvuthela ngmvubu. Yahlala yambalwa imivimbo kuVela wayizwa iminjunju,wayibamba ngqi imvubu.Kwawubushudushudu endlini sekubangwa imvubu endodaneni noyise. “Uzama ukwenzani?Uthatha amashansi?”Xhifi,xhafa,uyise wayesededela udalimede wenqindi ngesandla sokudla njengoba esinye sasibambe imvubu.Ushaywa nje uVela akukho nokuvika nakhu izandla zibambe imvubu ukuze azame ukuthatha imvubu ayeseyizwe kahle iphindelela kuyena. 3 Savela isikhala,wadlubulundela uVela ,waphuma endlini enqgatsha okwenkomo iphuma esibayeni iphunyuke isithole inxeba kade ibulawa.Wathi zinyawo zami ngibelethe,wacela empunzini waye wayophuma ngesango.walandela uyise emva kwakhe esenziwa ilukuluku lokucasuka.Wathi jeqe kanye uVela wambona uyise esemva kwakhe,wathi galo yephuka.Uyise wagcina esejikijela (throw)ngemvubu esebona ukuthi usele(behind)sengathi umile endodaneni yakhe eyayisigijima okwehashi lomjaho,yehla(go down)ngomgwaqo.   Right click on the button below TEXT A on the new page  

1.7 Endabeni sithola ukuth kunokuphikisana/kunokuqophisana…

1.7 Endabeni sithola ukuth kunokuphikisana/kunokuqophisana (argument) phakathi kukaPat   noThiza. Chaza ukuthi bunjani ubudlelwano (relationship) phakathi kukaPat noThiza.                                                                                    (4)